2 Kwabasekorinte 10:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kepha mina Pawulu uqobo ngiyanincenga ngobumnene nangokuva kukaKristu, mina engithobile phambi kwenu nxa ngikhona, kepha nginesibindi kini nxa ngingekho,

2. ngiyacela ukuba, nxa ngikhona, kungasweleki ukuba ngibasukele ngesibindi engiqonde ukuba naso kwabanye abasho ngathi ukuthi sihamba ngokwenyama.

3. Ngokuba noma sihamba sisenyameni kasilwi ngokwenyama,

4. ngokuba izikhali zethu zokulwa kasizo ezenyama, kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, sichitha izizindlo,

5. nakho konke okudephileyo okuziphakamisela ukuthiyana nokumazi uNkulunkulu, namacebo onke siwathumbela ukumlalela uKristu;

6. futhi silungele ukujezisa ukungalaleli konke, nxa sekuphelele ukulalela kwenu.

7. Bhekani lokhu okuphambi kobuso. Uma umuntu ezethemba yena ukuthi ungokaKristu, makabuye aqonde lokhu ngokwakhe ukuthi, njengokuba yena engokaKristu, sinjalo nathi.

2 Kwabasekorinte 10