2 Kuthimothewu 4:13-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Ijazi engalishiya eTrowa kuKarpu woliphatha, nxa uza, nezincwadi, ikakhulu ezesikhumba.

14. U-Aleksandru, umkhandi wethusi wenza okubi okuningi kimi; iNkosi iyakumbuyisela ngokwemisebenzi yakhe;

15. umxwaye nawe, ngokuba wamelana kakhulu namazwi ethu.

16. Ekuziphenduleleni kwami kokuqala kwakungekho muntu ongimelayo, kepha bonke bangishiya; makungabalelwa kubo lokho;

17. kodwa iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, nabezizwe bonke bezwe; ngase ngikhululwa emlonyeni wengonyama.

18. INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.

19. Khonza koPriska no-Akwila nendlu ka-Onesiforu.

20. U-Erastu wasala eKorinte, kepha uTrofimu ngamshiya eMilethu egula.

21. Shesha ufike, kungakangeni ubusika. Bakhonza kuwe o-Evubulu, noPhude, noLinu, noKlawudiya, nabo bonke abazalwane.

22. INkosi mayibe nomoya wakho. Umusa mawube nani.

2 Kuthimothewu 4