2 Kuthimothewu 4:10-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Ngokuba uDema wangishiya ethanda leli zwe lamanje, waya eThesalonika; uKreste waya eGalathiya, uThithu eDalmathiya;

11. nguLuka yedwa onami. Thatha uMarku, uze naye, ngokuba unosizo kimi ekukhonzeni.

12. UThikhiku sengamthuma e-Efesu.

13. Ijazi engalishiya eTrowa kuKarpu woliphatha, nxa uza, nezincwadi, ikakhulu ezesikhumba.

14. U-Aleksandru, umkhandi wethusi wenza okubi okuningi kimi; iNkosi iyakumbuyisela ngokwemisebenzi yakhe;

15. umxwaye nawe, ngokuba wamelana kakhulu namazwi ethu.

16. Ekuziphenduleleni kwami kokuqala kwakungekho muntu ongimelayo, kepha bonke bangishiya; makungabalelwa kubo lokho;

2 Kuthimothewu 4