2 Kuthimothewu 4:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu oyakwahlulela abaphilayo nabafileyo nangokubonakala kwakhe nombuso wakhe, ngithi:

2. Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.

3. Ngokuba kuyakuba khona isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilayo, kepha ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi njengokubatshwa kwezindlebe zabo,

4. bafulathelise izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni.

5. Kepha wena, qonda ezintweni zonke, ubekezele ekuhluphekeni, wenze umsebenzi womvangeli, ufeze ukukhonza kwakho.

6. Ngokuba mina sengiyanikelwa, nesikhathi sokumuka kwami sesifikile.

2 Kuthimothewu 4