2 Kuthimothewu 4:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu oyakwahlulela abaphilayo nabafileyo nangokubonakala kwakhe nombuso wakhe, ngithi:

2. Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.

3. Ngokuba kuyakuba khona isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilayo, kepha ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi njengokubatshwa kwezindlebe zabo,

4. bafulathelise izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni.

5. Kepha wena, qonda ezintweni zonke, ubekezele ekuhluphekeni, wenze umsebenzi womvangeli, ufeze ukukhonza kwakho.

6. Ngokuba mina sengiyanikelwa, nesikhathi sokumuka kwami sesifikile.

7. Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa;

8. sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo.

9. Shesha uze kimi masinyane.

10. Ngokuba uDema wangishiya ethanda leli zwe lamanje, waya eThesalonika; uKreste waya eGalathiya, uThithu eDalmathiya;

11. nguLuka yedwa onami. Thatha uMarku, uze naye, ngokuba unosizo kimi ekukhonzeni.

2 Kuthimothewu 4