1. Ngakho wena mntanami, yiba namandla emseni okuKristu Jesu;
2. lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abaningi, lokho-ke kubeke kubantu abathembekileyo abazakuba namandla okufundisa nabanye.
3. Hlanganyela nami ukuhlupheka njengebutho elihle likaKristu.
4. Akakho osempini olibala izidingo zalokhu kuphila, aze akholeke kulowo abuthwe nguye.
5. Futhi nxa umuntu encintisana, kaqheliswa engancintisananga ngokomthetho.