1. Ngakho wena mntanami, yiba namandla emseni okuKristu Jesu;
2. lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abaningi, lokho-ke kubeke kubantu abathembekileyo abazakuba namandla okufundisa nabanye.
3. Hlanganyela nami ukuhlupheka njengebutho elihle likaKristu.
4. Akakho osempini olibala izidingo zalokhu kuphila, aze akholeke kulowo abuthwe nguye.
5. Futhi nxa umuntu encintisana, kaqheliswa engancintisananga ngokomthetho.
6. Umlimi osebenzayo kufanele ukuba kwamukele yena izithelo kuqala.
7. Qonda engikushoyo; ngokuba iNkosi iyakukunika ukuqonda ngezinto zonke.
8. Khumbula uJesu Kristu ovukile kwabafileyo, wenzalo kaDavide ngokwevangeli lami,
9. engihlupheka ngalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.
10. Ngalokho ngiyakhuthazela kukho konke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze nabo bazuze insindiso ekuKristu Jesu, kanye nenkazimulo yaphakade.
11. Likholekile leli zwi lokuthi: Ngokuba uma safa naye, siyakuphila naye futhi;
12. uma sikhuthazela, siyakubusa naye futhi; uma simphika, naye uyakusiphika;
13. uma singathembeki, yena uhlala ethembekile, ngokuba akanakuziphika.
14. Bakhumbuze ngalokho, ufakaze phambi kukaNkulunkulu ukuba bangalwi ngamazwi, okungasizi lutho, okuyincithakalo kwabezwayo.
15. Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.
16. Kepha ukukhuluma kwezwe okuyize ukugweme; ngokuba bayakuqhubekela phambili ekungamesabini uNkulunkulu,
17. nezwi labo liyakubhibha njengesilonda esibhucukayo, abaphakathi kwabo ngoHimenewu noFiletu
18. abadukileyo mayelana neqiniso, bethi ukuvuka kwabafileyo sekudlulile, bechitha ukukholwa kwabanye.