6. nemizi yaseSodoma neGomora wayahlulela wayichitha ngokuyiphendula umlotha, eyenza ibe yisiboniso kubo abangayikumesaba uNkulunkulu;
7. noLoti olungileyo, ehlushwa ngukuhamba ngamanyala kwabangenamthetho, wamhlangulisa --
8. ngokuba ngokubona nangokuzwa lona olungileyo, ehlala phakathi kwabo, wezwisa ubuhlungu umphefumulo wakhe olungileyo imihla ngemihla ngenxa yezenzo ezingenamthetho --
9. iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe,
10. ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokuzingcolisa, bedelela ubukhosi; bengamaphikankani nabaziqhenyayo abesabi nokuhlambalaza abenkazimulo,
11. kanti izingelosi, nokuba zizinkulu ngobuqhwaga namandla, azibamangaleli ngenhlamba phambi kweNkosi.