6. Yilolu-ke uthando ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe; yiwo umyalo ukuba nihambe ngawo, njengalokho nezwa kwasekuqaleni.
7. Ngokuba abakhohlisi abaningi baphumele ezweni, labo abangamvumi uJesu Kristu ukuthi uzile ngenyama; lowo ungumkhohlisi nomphikukristu.
8. Ziqapheleni nina, ukuze ningalahlekelwa ngesikusebenzileyo, kodwa namukele umvuzo opheleleyo.
9. Lowo oweqisayo engemi ekufundiseni kukaKristu akanaye uNkulunkulu; ohlezi ekufundiseni lowo unaye uYise neNdodana.
10. Uma kufika umuntu kini engalethi lokho kufundisa, ningamamukeli endlini yenu, ningambingeleli;
11. ngokuba ombingelelayo uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi.
12. Nginokuningi kokunilobela, angithandanga ukukuloba ngephepha noyinki,* kodwa ngiyethemba ukuza kini, ngikhulume nani umlomo nomlomo, ukuze ukuthokoza kwethu kuphelele.
13. Abantwana bakadadewenu okhethiweyo bayakhonza kuwe.