2 Kajohane 1:4-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Ngithokozile kakhulu, ngokuba kubantwana bakho ngifumene abahamba eqinisweni, njengalokho samukele umyalo kuBaba.

5. Nakalokhu ngiyakunxusa, nkosikazi, kungengokungathi ngikulobela umyalo omusha kodwa lowo esasinawo kwasekuqaleni ukuba sithandane.

6. Yilolu-ke uthando ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe; yiwo umyalo ukuba nihambe ngawo, njengalokho nezwa kwasekuqaleni.

7. Ngokuba abakhohlisi abaningi baphumele ezweni, labo abangamvumi uJesu Kristu ukuthi uzile ngenyama; lowo ungumkhohlisi nomphikukristu.

8. Ziqapheleni nina, ukuze ningalahlekelwa ngesikusebenzileyo, kodwa namukele umvuzo opheleleyo.

9. Lowo oweqisayo engemi ekufundiseni kukaKristu akanaye uNkulunkulu; ohlezi ekufundiseni lowo unaye uYise neNdodana.

2 Kajohane 1