1. Ilunga kuyo inkosikazi ekhethiweyo nabantwana bayo, engibathanda ngeqiniso, kungeyimi ngedwa kodwa nabo bonke abalaziyo iqiniso,
2. ngenxa yeqiniso elihlala kithi neliyakuba nathi kuze kube phakade.
3. Kuzakuba nathi umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuye uJesu Kristu iNdodana kaYise ngeqiniso nangothando.
4. Ngithokozile kakhulu, ngokuba kubantwana bakho ngifumene abahamba eqinisweni, njengalokho samukele umyalo kuBaba.