2 Izikronike 9:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni yeza ukumvivinya uSolomoni eJerusalema ngezimfumbe, inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha, negolide eliningi, namatshe ayigugu; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.

2. USolomoni wayiphendula ezindabeni zayo zonke; kwakungekho nto eyayifihlelwe uSolomoni angayitshelanga yona.

3. Inkosikazi yaseSheba isibonile ukuhlakanipha kukaSolomoni, nendlu ayakhileyo,

4. nokudla kwasetafuleni lakhe, nokuhlala kwezinceku zakhe, nokuma kwezikhonzi zakhe, nezambatho zazo, kanye nabaphathizitsha nezambatho zabo, nesikhwelo sakhe akhuphukela ngaso endlini kaJehova, akwabe kusabakho moya kuyo.

5. Yathi enkosini: “Yayiqinisile indaba engayizwa ezweni lami ngamazwi akho nangokuhlakanipha kwakho.

6. Kepha angikholwanga ngamazwi abo, ngaze ngafika, kwabona amehlo ami; bheka, angitshelwanga nanxenye yobukhulu bokuhlakanipha kwakho; uyadlula udumo engaluzwayo.

7. Babusiswe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezimi njalo phambi kwakho, zizwa ukuhlakanipha kwakho.

8. Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owenamele wena ukuba akubeke esihlalweni sakhe sobukhosi ukuba ube yinkosi kuJehova uNkulunkulu wakho; ngokuba uNkulunkulu wakho wamthanda u-Israyeli waze wammisa kuze kube phakade, ngalokho wakubeka inkosi phezu kwabo ukuba wenze ukwahlulela nokulunga.”

9. Yanika inkosi amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide, namakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; awazange abe khona amakha anjengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wona yinkosikazi yaseSheba.

10. Izinceku zikaHiramu nezinceku zikaSolomoni ezabuya negolide e-Ofiri zaletha imi-alimugi* namatshe ayigugu.

2 Izikronike 9