2 Izikronike 8:9-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Kepha kubantwana bakwa-Israyeli uSolomoni akakhiphanga izigqila zomsebenzi wakhe, ngokuba babengamadoda empi, nabakhulu bezinduna zakhe, nezinduna zezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.

10. Lezo zaziyizinduna ezinkulu zenkosi uSolomoni; zazingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, zazibusa phezu kwabantu.

11. USolomoni wakhuphula indodakazi kaFaro emzini kaDavide, wayiyisa endlini ayakhele yona, ngokuba wathi: “Akuyikuhlala owesifazane endlini kaDavide inkosi yakwa-Israyeli, ngokuba ingcwele, lapho kufike khona umphongolo kaJehova.”

12. Khona uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova e-altare likaJehova ayelakhe phambi kompheme

13. njengokudingekayo imihla ngemihla, enikela njengemiyalo kaMose ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo, kathathu ngomnyaka: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo.

14. Wamisa njengomthetho kaDavide uyise izigaba zabapristi enkonzweni yabo, namaLevi ezikhundleni zawo ukuba adumise, akhonze phambi kwabapristi njengokudingekayo imihla ngemihla, nabalindisango ngezigaba zabo emasangweni ngamasango, ngokuba uDavide umuntu kaNkulunkulu wayeyale kanjalo.

15. Abaphambukanga emiyalweni yenkosi kubapristi namaLevi ngalutho, nangengcebo.

16. Wonke umsebenzi kaSolomoni walungiswa kwaze kwaba lusuku lokubeka isisekelo sendlu kaJehova, yaze yaphela. Yayisiphelile indlu kaJehova.

17. Khona uSolomoni waya e-Esiyoni Geberi, nase-Elito, ogwini lolwandle ezweni lakwa-Edomi.

18. UHiramu wathuma kuye ngezandla zezinceku zakhe imikhumnbi nezinceku ezazilwazi ulwandle; zafika nezinceku zikaSolomoni e-Ofiri, zalanda khona amatalenta* angamakhulu amane namashumi ayisihlanu egolide, zawayisa enkosini uSolomoni.

2 Izikronike 8