2 Izikronike 8:15-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Abaphambukanga emiyalweni yenkosi kubapristi namaLevi ngalutho, nangengcebo.

16. Wonke umsebenzi kaSolomoni walungiswa kwaze kwaba lusuku lokubeka isisekelo sendlu kaJehova, yaze yaphela. Yayisiphelile indlu kaJehova.

17. Khona uSolomoni waya e-Esiyoni Geberi, nase-Elito, ogwini lolwandle ezweni lakwa-Edomi.

18. UHiramu wathuma kuye ngezandla zezinceku zakhe imikhumnbi nezinceku ezazilwazi ulwandle; zafika nezinceku zikaSolomoni e-Ofiri, zalanda khona amatalenta* angamakhulu amane namashumi ayisihlanu egolide, zawayisa enkosini uSolomoni.

2 Izikronike 8