1. Kwathi ngasekugcineni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akhe ngayo indlu kaJehova nendlu yakhe,
2. imizi uHiramu anike yona uSolomoni, uSolomoni wayivusa, wahlalisa khona abantwana bakwa-Israyeli.
3. USolomoni waya eHamati Soba, walahlula.
4. Wakha iTadimori ehlane, nayo yonke imizi yokubekelela ayakha eHamati.
5. Wakha neBeti Horoni laseNhla, neBeti Horoni laseNzansi, imizi ebiyelweyo enezingange, namasango, nemigoqo,