1. Kwathi ngasekugcineni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akhe ngayo indlu kaJehova nendlu yakhe,
2. imizi uHiramu anike yona uSolomoni, uSolomoni wayivusa, wahlalisa khona abantwana bakwa-Israyeli.
3. USolomoni waya eHamati Soba, walahlula.
4. Wakha iTadimori ehlane, nayo yonke imizi yokubekelela ayakha eHamati.
5. Wakha neBeti Horoni laseNhla, neBeti Horoni laseNzansi, imizi ebiyelweyo enezingange, namasango, nemigoqo,
6. kanye neBalati nayo yonke imizi yokubekelela uSolomoni ayenayo, nayo yonke imizi yezinqola zakhe, nemizi yabamahhashi bakhe, nakho konke uSolomoni ayefisa ukukwakha eJerusalema, naseLebanoni, nasezweni lonke lokubusa kwakhe.
7. Abantu bonke abaseleyo kumaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, abangesibo abakwa-Israyeli,
8. abantwana babo abasala emva kwabo ezweni, abangaqedwanga ngabantwana bakwa-Israyeli, kubona uSolomoni wabiza izisebenzi kuze kube namuhla.
9. Kepha kubantwana bakwa-Israyeli uSolomoni akakhiphanga izigqila zomsebenzi wakhe, ngokuba babengamadoda empi, nabakhulu bezinduna zakhe, nezinduna zezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.
10. Lezo zaziyizinduna ezinkulu zenkosi uSolomoni; zazingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, zazibusa phezu kwabantu.