2 Izikronike 6:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Khona wakhuluma uSolomoni, wathi: “UJehova ushilo ukuthi uyakuhlala esigayegayeni.

2. Kepha ngikwakhele indlu yokuhlala, indawo yokuhlala kwakho kuze kube phakade.”

3. Inkosi yayisiphenduka, yalibusisa lonke ibandla lakwa-Israyeli, lonke ibandla lakwa-Israyeli lalimi.

4. Yathi: “Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owakhuluma ngomlomo wakhe kuDavide ubaba, ukugcwalisile ngesandla sakhe, ethi:

5. ‘Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli ezweni laseGibithe angikhethanga muzi ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, futhi angikhethanga muntu ukuba abe ngumbusi wabantu bami u-Israyeli,

6. kodwa ngikhethe iJerusalema ukuba igama lami libe khona lapho, ngakhetha noDavide ukuba abe phezu kwabantu bami u-Israyeli.’

7. “Kwakusenhliziyweni kaDavide ubaba ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.

8. Kepha uJehova wathi kuDavide ubaba: ‘Njengokuba kwakusenhliziyweni yakho ukwakhela igama lami indlu, wenza kahle, ngokuba kwakusenhliziyweni yakho lokho;

2 Izikronike 6