2 Izikronike 5:11-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Kwathi lapho abapristi sebephumile endaweni engcwele ngokuba bonke abapristi ababe khona babezingcwelisile bengazigcinanga izigaba zabo,

12. kusemi ngasempumalanga kwe-altare amaLevi, abahlabeleli bonke, kanye no-Asafa, noHemani, noJeduthuni, namadodana abo, nabafowabo, bembethe ilineni elicolekileyo, bephethe amasimbali,* nezingubhu, namahabhu,* kukhona kanye nabo abapristi abayikhulu namashumi amabili bekhalisa amacilongo

13. nalapho abaphethe amacilongo nabahlabeleli bezwakalisa kanyekanye izwi linye lokudumisa nokubonga uJehova, nanxa bekhalisa amacilongo namasimbali* nezinto zokubethwa, bedumisa uJehova ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade, khona indlu yagcwaliswa yifu, yona le ndlu kaJehova,

14. baze bangema abapristi ukukhonza ngenxa yefu; ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaNkulunkulu.

2 Izikronike 5