1. Wawusuphela-ke wonke umsebenzi uSolomoni awenzela indlu kaJehova. USolomoni wangenisa izinto ezazingcweliswe nguDavide uyise, kanye nesiliva negolide, nazo zonke izitsha, wakubeka engcebeni yendlu kaNkulunkulu.
2. Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa-Israyeli, nazo zonke izinhloko zezizwe, izikhulu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli eJerusalema ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni.
3. Onke amadoda akwa-Israyeli abuthana enkosini emkhosini wasenyangeni yesikhombisa.