1. Wenza i-altare lethusi; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyishumi.
2. Wenza nolwandle olubunjiweyo; lwaluyizingalo eziyishumi kusukela kolunye udini kuze kufike kolunye, lwaluyisiyingilizi; ukuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umucu oyizingalo ezingamashumi amathathu waluzungeza nxazonke.
3. Phansi kwalo kwakukhona okufana nezintangazane nxazonke ezaluzungeza izingalo eziyishumi nxazonke; izintangazane zazisezinhleni ezimbili nxazonke zolwandle, zibunjiwe ekubunjweni kwalo.
4. Lwalumi phezu kwezinkabi eziyishumi nambili, ezintathu zibheke ngasenyakatho, ezintathu zibheke ngasentshonalanga, ezintathu zibheke ngaseningizimu, ezintathu zibheke ngasempumalanga; ulwandle lwalumiswe phezu kwazo, zonke zifulathelene.
5. Uhlonze lwalo lwalungangobubanzi besandla; udini lwalo lwalwenziwe njengodini lwendebe, lunjengembali yomnduze; lwamukela okulingene namabhati* ayizinkulungwane ezintathu.
6. Wenza imicengezi eyishumi, wabeka eyisihlanu ngakwesokunene neyisihlanu ngakwesokhohlo ukuhlambela kuyo; okweminikelo yokushiswa babekugezela kuyo, kepha ulwandle lwalungolokuhlambela abapristi.
7. Wenza izinti zezibani zegolide njengomthetho wazo, wazibeka ethempelini, eziyisihlanu ngakwesokunene neziyisihlanu ngakwesokhohlo.
8. Wenza amatafula ayishumi, wawabeka ethempelini, ayisihlanu ngakwesokunene nayisihlanu ngakwesokhohlo. Wenza nezitsha eziyikhulu zegolide.
9. Wenza igceke labapristi, negceke elikhulu, neminyango yegceke, wazinameka izivalo zayo ngethusi.
10. Walubeka ulwandle ngakwesokunene ngasempumalanga yangaseningizimu.