19. Bayishisa indlu kaNkulunkulu, baludiliza ugange lwaseJerusalema, bazishisa zonke izinqaba ngomlilo, bazichitha zonke izitsha ezinxanelekayo zakhona.
20. Abasele enkembeni wabathumbela eBabele; baba yizinceku zakhe nezamadodana akhe, kwaze kwabusa umbuso wasePheresiya
21. ukuba ligcwaliseke izwi likaJehova ngomlomo kaJeremiya, lize laneliswe izwe ngamasabatha alo sonke isikhathi liyincithakalo laligcina isabatha kuze kugcwaliswe iminyaka engamashumi ayisikhombisa.
22. Ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi yasePheresiya ukuba kufezeke izwi likaJehova ngomlomo kaJeremiya uJehova wavusa umoya kaKoresi inkosi yasePheresiya ukuba amemezele embusweni wakhe wonke, alobe futhi ngokuthi:
23. “Usho kanje uKoresi, inkosi yasePheresiya, uthi: ‘UJehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba; ungiyalile ukumakhela indlu eJerusalema lakwaJuda. Noma ngumuphi phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe, uNkulunkulu makabe naye, akhuphuke.’ ”