15. UJehova uNkulunkulu wawoyise wathuma kubo ngezandla zezithunywa zakhe, ethuma njalonjalo, ngokuba wahawukela abantu bakhe nendawo yakhe yokuhlala;
16. kepha baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, babaphatha kabi abaprofethi bakhe, yaze yavuka intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabakho ukwelashwa.
17. Ngalokho wabehlisela inkosi yamaKaledi eyabulala izinsizwa zabo ngenkemba endlini yabo engcwele, ayihawukelanga nansizwa, nantombi, naxhegu, nogugileyo; wabanikela bonke esandleni sayo.
18. Zonke izitsha zendlu kaNkulunkulu, ezinkulu nezincane, nengcebo yendlu kaJehova, nengcebo yenkosi neyezikhulu zayo, konke lokho wakuyisa eBabele.