2 Izikronike 34:7-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Wawadiliza ama-altare, waphula o-Ashera* nezithombe ezibaziweyo kwaba luthuli, wawanquma onke ama-altare empepho ezweni lonke lakwa-Israyeli, wabuyela eJerusalema.

8. Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wokubusa kwakhe esehlambululile izwe nendlu, wathuma uShafani, indodana ka-Asaliya, noMahaseya umbusi womuzi, noJowa indodana kaJowahazi, umabhalana, ukuba bayilungise indlu kaJehova uNkulunkulu wakhe.

9. Bafika kuHilikiya umpristi omkhulu, bayinikeza imali eyayilethwe endlini kaNkulunkulu iqoqwe ngamaLevi, abalindisango, esandleni sakwaManase no-Efrayimi, nakuyo yonke insali yakwa-Israyeli, nakuye wonke uJuda noBenjamini, nakwabakhileyo eJerusalema;

10. bayinikeza ezandleni zababewenza umsebenzi ababeyiphethe indlu kaJehova; bona bayinika ababesebenza umsebenzi wasendlini kaJehova ukuba bayilungise, bayiqinise indlu;

11. bayinika nababazi nabakhi ukuba bathenge amatshe abaziweyo nemithi yokuhlanganisa, benze imishayo yezindlu amakhosi akwaJuda abezichithile.

12. Amadoda enza umsebenzi wawo ngokuthembeka; ababonisi phezu kwabo babe ngoJahati no-Obadiya amaLevi, emadodaneni akwaMerari, noZakariya noMeshulamu emadodaneni amaKohati, ukuba babahole, kanye namaLevi onke ayeqonda izinto zokubethwa.

13. Ayephezu kwabathwala imithwalo, ahola bonke abenza umsebenzi wezinkonzo ngezinkonzo; kumaLevi kwakukhona nababhali, nezinduna, nabalindisango.

14. Lapho beyikhipha imali eyayilethwe endlini kaJehova, uHilikiya, umpristi, wafumana incwadi yomthetho kaJehova eyalotshwa ngesandla sikaMose.

15. UHilikiya wathatha wathi kuShafani umbhali: “Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaJehova.” UHilikiya wayinika uShafani incwadi.

16. UShafani wayiyisa incwadi enkosini, waletha nombiko wokuthi: “Konke okwanikelwa ezandleni zezinceku zakho ziyakwenza.

2 Izikronike 34