2 Izikronike 34:2-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wahamba ngezindlela zikaDavide uyise, kachezukelanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo.

3. Ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe esengumfana waqala ukufuna uNkulunkulu kaDavide uyise; ngomnyaka weshumi nambili waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema, wasusa izindawo eziphakemeyo, nawo-Ashera,* nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.

4. Bawadiliza phambi kwakhe ama-altare awoBali; nama-altare empepho ayephezu kwawo wawanquma; waphula o-Ashera,* nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo, wakucolisisa, wakuvumvuzela phezu kwamathuna ababenikele kukho.

5. Wawashisa amathambo abapristi ema-altare abo, wahlambulula uJuda neJerusalema.

6. Emizini yakwaManase, nakwa-Efrayimi, nakwaSimeyoni kwaze kwaba nakwaNafetali wacinga ezindlini zabo nxazonke.

7. Wawadiliza ama-altare, waphula o-Ashera* nezithombe ezibaziweyo kwaba luthuli, wawanquma onke ama-altare empepho ezweni lonke lakwa-Israyeli, wabuyela eJerusalema.

8. Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wokubusa kwakhe esehlambululile izwe nendlu, wathuma uShafani, indodana ka-Asaliya, noMahaseya umbusi womuzi, noJowa indodana kaJowahazi, umabhalana, ukuba bayilungise indlu kaJehova uNkulunkulu wakhe.

9. Bafika kuHilikiya umpristi omkhulu, bayinikeza imali eyayilethwe endlini kaNkulunkulu iqoqwe ngamaLevi, abalindisango, esandleni sakwaManase no-Efrayimi, nakuyo yonke insali yakwa-Israyeli, nakuye wonke uJuda noBenjamini, nakwabakhileyo eJerusalema;

10. bayinikeza ezandleni zababewenza umsebenzi ababeyiphethe indlu kaJehova; bona bayinika ababesebenza umsebenzi wasendlini kaJehova ukuba bayilungise, bayiqinise indlu;

2 Izikronike 34