13. Ayephezu kwabathwala imithwalo, ahola bonke abenza umsebenzi wezinkonzo ngezinkonzo; kumaLevi kwakukhona nababhali, nezinduna, nabalindisango.
14. Lapho beyikhipha imali eyayilethwe endlini kaJehova, uHilikiya, umpristi, wafumana incwadi yomthetho kaJehova eyalotshwa ngesandla sikaMose.
15. UHilikiya wathatha wathi kuShafani umbhali: “Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaJehova.” UHilikiya wayinika uShafani incwadi.
16. UShafani wayiyisa incwadi enkosini, waletha nombiko wokuthi: “Konke okwanikelwa ezandleni zezinceku zakho ziyakwenza.
17. Ziyithululile imali eyafunyanwa endlini kaJehova, zayinikeza ezandleni zababonisi nasezandleni zezisebenzi.”