11. bayinika nababazi nabakhi ukuba bathenge amatshe abaziweyo nemithi yokuhlanganisa, benze imishayo yezindlu amakhosi akwaJuda abezichithile.
12. Amadoda enza umsebenzi wawo ngokuthembeka; ababonisi phezu kwabo babe ngoJahati no-Obadiya amaLevi, emadodaneni akwaMerari, noZakariya noMeshulamu emadodaneni amaKohati, ukuba babahole, kanye namaLevi onke ayeqonda izinto zokubethwa.
13. Ayephezu kwabathwala imithwalo, ahola bonke abenza umsebenzi wezinkonzo ngezinkonzo; kumaLevi kwakukhona nababhali, nezinduna, nabalindisango.
14. Lapho beyikhipha imali eyayilethwe endlini kaJehova, uHilikiya, umpristi, wafumana incwadi yomthetho kaJehova eyalotshwa ngesandla sikaMose.
15. UHilikiya wathatha wathi kuShafani umbhali: “Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaJehova.” UHilikiya wayinika uShafani incwadi.
16. UShafani wayiyisa incwadi enkosini, waletha nombiko wokuthi: “Konke okwanikelwa ezandleni zezinceku zakho ziyakwenza.
17. Ziyithululile imali eyafunyanwa endlini kaJehova, zayinikeza ezandleni zababonisi nasezandleni zezisebenzi.”
18. UShafani umbhali wayitshela inkosi, wathi: “UHilikiya umpristi unginike incwadi.” UShafani wafunda kuyo phambi kwenkosi.
19. Kwathi lapho inkosi isizwile amazwi omthetho, yaziklebhula izingubo zayo.
20. Inkosi yayala oHilikiya, no-Ahikamu indodana kaShafani, no-Abidoni indodana kaMika, noShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, yathi: