2 Izikronike 34:11-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. bayinika nababazi nabakhi ukuba bathenge amatshe abaziweyo nemithi yokuhlanganisa, benze imishayo yezindlu amakhosi akwaJuda abezichithile.

12. Amadoda enza umsebenzi wawo ngokuthembeka; ababonisi phezu kwabo babe ngoJahati no-Obadiya amaLevi, emadodaneni akwaMerari, noZakariya noMeshulamu emadodaneni amaKohati, ukuba babahole, kanye namaLevi onke ayeqonda izinto zokubethwa.

13. Ayephezu kwabathwala imithwalo, ahola bonke abenza umsebenzi wezinkonzo ngezinkonzo; kumaLevi kwakukhona nababhali, nezinduna, nabalindisango.

14. Lapho beyikhipha imali eyayilethwe endlini kaJehova, uHilikiya, umpristi, wafumana incwadi yomthetho kaJehova eyalotshwa ngesandla sikaMose.

15. UHilikiya wathatha wathi kuShafani umbhali: “Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaJehova.” UHilikiya wayinika uShafani incwadi.

16. UShafani wayiyisa incwadi enkosini, waletha nombiko wokuthi: “Konke okwanikelwa ezandleni zezinceku zakho ziyakwenza.

17. Ziyithululile imali eyafunyanwa endlini kaJehova, zayinikeza ezandleni zababonisi nasezandleni zezisebenzi.”

18. UShafani umbhali wayitshela inkosi, wathi: “UHilikiya umpristi unginike incwadi.” UShafani wafunda kuyo phambi kwenkosi.

19. Kwathi lapho inkosi isizwile amazwi omthetho, yaziklebhula izingubo zayo.

2 Izikronike 34