2 Izikronike 32:2-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Lapho uHezekiya esebona ukuthi uSaneheribi ufikile nokuthi uqonda ukulwa neJerusalema,

3. welulekana nezikhulu zakhe namaqhawe akhe ukuba bavimbe amanzi emithombo eyayingaphandle komuzi; bamsiza.

4. Kwabuthana abantu abaningi, bavimba yonke imithombo, nomfudlana owawugobhoza phakathi nezwe, bathi: “Kungangani ukuba kufike amakhosi ase-Asiriya, afumane amanzi amaningi, na?”

5. Waziqinisa, wakha lonke ugange olwaludiliziwe, wabeka imibhoshongo phezu kwalo, nolunye ugange ngaphandle, waqinisa iMilo emzini kaDavide, wenza izikhali nezihlangu eziningi.

6. Wabeka izinduna zempi phezu kwabantu, wazibuthela bona esigcawini ngasesangweni lomuzi, wakhuluma kahle kubo, wathi:

7. “Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningapheli amandla ngenkosi yase-Asiriya nangesixuku sonke esinayo, ngokuba onathi mkhulu kunonaye;

8. okunaye yingalo yenyama; okunathi nguJehova uNkulunkulu wethu ukuba asisize, alwe izimpi zethu.” Abantu bencika emazwini kaHezekiya inkosi yakwaJuda.

2 Izikronike 32