1. UHezekiya waqala ukubusa eneminyaka engamashumi amabili nanhlanu, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalingu-Abiya indodakazi kaZakariya.
2. Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uDavide uyise.
3. Ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe ngenyanga yokuqala wavula izivalo zendlu kaJehova, wazilungisa.
4. Wangenisa abapristi namaLevi, wababutha esigcawini ngasempumalanga,
5. wathi kubo: “Ngizweni nina maLevi; zingcweliseni, niyingcwelise nendlu kaJehova uNkulunkulu wawoyise, nikhiphe ukungcola endaweni engcwele.
6. Ngokuba oyihlo baphambukile, benza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wethu, bamshiya, baphendula ubuso babo endlini kaJehova, bamfulathela.
7. Bavala nezivalo zompheme, bacima izibani, abashisanga impepho, abanikelanga ngeminikelo yokushiswa endaweni engcwele kuNkulunkulu ka-Israyeli.
8. Intukuthelo kaJehova yayisiba phezu kukaJuda neJerusalema, wabanikela baba yisibonelo esibi, nesimangaliso, nento enximfelwayo, njengalokhu nibona ngamehlo enu.