2 Izikronike 29:1-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UHezekiya waqala ukubusa eneminyaka engamashumi amabili nanhlanu, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalingu-Abiya indodakazi kaZakariya.

2. Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uDavide uyise.

3. Ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe ngenyanga yokuqala wavula izivalo zendlu kaJehova, wazilungisa.

4. Wangenisa abapristi namaLevi, wababutha esigcawini ngasempumalanga,

5. wathi kubo: “Ngizweni nina maLevi; zingcweliseni, niyingcwelise nendlu kaJehova uNkulunkulu wawoyise, nikhiphe ukungcola endaweni engcwele.

6. Ngokuba oyihlo baphambukile, benza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wethu, bamshiya, baphendula ubuso babo endlini kaJehova, bamfulathela.

7. Bavala nezivalo zompheme, bacima izibani, abashisanga impepho, abanikelanga ngeminikelo yokushiswa endaweni engcwele kuNkulunkulu ka-Israyeli.

8. Intukuthelo kaJehova yayisiba phezu kukaJuda neJerusalema, wabanikela baba yisibonelo esibi, nesimangaliso, nento enximfelwayo, njengalokhu nibona ngamehlo enu.

9. Bhekani, obaba bawile ngenkemba, amadodana ethu namadodakazi ethu nawomkethu basekuthunjweni ngenxa yalokho.

10. Manje sekusenhliziyweni yami ukwenza isivumelwano noJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukuba ulaka lwakhe oluvuthayo lubuye kithina.

11. Madodana ami, ningadebeseli, ngokuba nina uJehova unikhethile ukuba nime phambi kwakhe, nimkhonze, nibe yizikhonzi zakhe, nishise impepho.”

12. Kwase kusukuma amaLevi: nguMahathi indodana ka-Amasayi noJoweli indodana ka-Azariya emadodaneni amaKohati; emadodaneni kaMerari: nguKishi indodana ka-Abidi no-Azariya indodana kaJehaleli; kumaGereshoni: nguJowa indodana kaZima no-Edene indodana kaJowa;

13. emadodaneni ka-Elisafani: ngoShimri noJehiyeli; emadodaneni ka-Asafa: ngoZakariya noMathaniya;

14. emadodaneni kaHemani: ngoJehiyeli noShimeyi; emadodaneni kaJeduthuni: ngoShemaya no-Uziyeli.

15. Babutha abafowabo, bazingcwelisa, bangena njengesiyalezo senkosi ngamazwi kaJehova ukuba bayihlambulule indlu kaJehova.

16. Abapristi bangena kokuphakathi kwendlu kaJehova ukuba bayihlambulule, nakho konke ukungcola abakufumanisayo ethempelini likaJehova bakukhiphela egcekeni lendlu kaJehova. AmaLevi akuthatha, akukhipha, akuyisa emfudlaneni iKidroni.

2 Izikronike 29