17. Ngokuba phezu kwakho konke babefikile abakwa-Edomi, bashaya uJuda, bathumba abathunjwa.
18. NamaFilisti ayengenele imizi yasehlanzeni neyaseningizimu yakwaJuda, athatha iBeti Shemeshi, ne-Ajaloni, neGederoti, neSoko kanye nemizana yalo, neThimna nemizana yalo, neGimizo nemizana yalo; ahlala khona.
19. Ngokuba uJehova wathobisa uJuda ngenxa ka-Ahazi inkosi yakwa-Israyeli, ngokuba wayedlubulundile kwaJuda, waphambuka nokuphambuka kuJehova.
20. Wayesefika kuye uThiligati Philineseri inkosi yase-Asiriya, wamhlupha, akamqinisanga.
21. Ngokuba u-Ahazi waphanga indlu kaJehova nendlu yenkosi neyezikhulu, wakunika inkosi yase-Asiriya, kepha akumsizanga.
22. Ngesikhathi sokuhlupheka kwakhe waqhubeka ekuphambukeni kuJehova, yona leyo nkosi u-Ahazi.
23. Wahlabela onkulunkulu baseDamaseku ababemshayile, wathi: “Ngokuba onkulunkulu bamakhosi ase-Aramu bawasiza, ngiyakubahlabela ukuba bangisize nami.” Kepha baba yisikhubekiso kuye nakuye wonke u-Israyeli.
24. U-Ahazi waqoqa izinto zendlu kaNkulunkulu, wazihlahlela izinto zendlu kaNkulunkulu, wavala izivalo zendlu kaJehova, wazenzela ama-altare emagumbini onke aseJerusalema.
25. Nakuyo yonke imizi yakwaJuda, imizi ngemizi, wenza izindawo eziphakemeyo zokuba ashisele abanye onkulunkulu impepho, wamcunula uJehova uNkulunkulu wawoyise.