2 Izikronike 26:16-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Kepha lapho eseziqinisile, inhliziyo yakhe yazikhukhumeza kwaze kwaba ngukubhubha kwakhe, waphambuka kuJehova uNkulunkulu wakhe, wangena ethempelini likaNkulunkulu ukuba ashise impepho e-altare lempepho.

17. U-Azariya umpristi wangena emva kwakhe, bekhona kanye naye abapristi bakaJehova abangamashumi ayisishiyagalombili, amadoda anamandla;

18. bamelana no-Uziya inkosi, bathi kuye: “Akusikho okwakho, Uziya, ukushisela uJehova impepho, kungokwabapristi, amadodana ka-Aroni, abangcweliselwe ukushisa impepho; phuma endlini engcwele, ngokuba wenze isiphambeko; futhi awuyikuba nodumo oluvela kuJehova uNkulunkulu.”

19. Wayesethukuthela u-Uziya; wayenomcengezi womlilo esandleni sakhe ukuba ashise impepho; esabathukuthelele abapristi, kwaqhamuka uchoko ebunzini lakhe phambi kwabapristi endlini kaJehova eceleni kwe-altare lempepho.

20. U-Azariya, umpristi omkhulu, nabo bonke abapristi bambuka; bheka, wayenochoko ebunzini lakhe; bashesha bamkhipha khona; naye waphuthuma ukuphuma, ngokuba uJehova wayemshayile.

21. U-Uziya, inkosi, wayesengonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwakhe, wahlala endlini eyahlukanisiweyo, lokhu engonochoko, ngokuba wanqunywa endlini kaJehova. UJothamu indodana yakhe wayephezu kwendlu yenkosi, ahlulela abantu bezwe.

22. Ezinye izindaba zika-Uziya, ezokuqala nezokugcina, zalotshwa ngu-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose.

2 Izikronike 26