1. Bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Uziya owayeneminyaka eyishumi nesithupha, bambeka inkosi esikhundleni sikayise u-Amasiya.
2. Yena wakha i-Eloti, walibuyisela kuJuda, inkosi isilele koyise.
3. U-Uziya wayeneminyaka eyishumi nesithuha ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nambili eJerusalema; igama likanina lalinguJekoliya waseJerusalema.
4. Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uyise u-Amasiya.
5. Wayelokhu emfuna uNkulunkulu emihleni kaZakariya owafundisa ekumesabeni uJehova; emihleni yokumfuna kwakhe uJehova, uNkulunkulu wamhlahlamelisa.
6. Waphuma walwa namaFilisti, wadiliza ugange lwaseGati, nogange lwaseJabine, nogange lwase-Ashidodi; wakha imizi kwelase-Ashidodi naphakathi kwamaFilisti.
7. UNkulunkulu wamsiza kumaFilisti, nakwabase-Arabiya ababehlala eGuri Bali, nakumaMehuni.
8. Abakwa-Amoni bathela intela ku-Uziya; igama lakhe lahamba laze lafika nasekuyeni eGibithe, ngokuba waba namandla kakhulu.
9. U-Uziya wakha nemibhoshongo eJerusalema ngaseSangweni Lasegumbini, nangaseSangweni Lasesigodini, nangaseNqutshini, wayiqinisa.
10. Wakha imibhoshongo ehlane, wemba imigodi eminingi yamanzi, ngokuba wayenezinkomo eziningi ehlanzeni nasethafeni, wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKarmeli, ngokuba wayengothanda umhlabathi.