2 Izikronike 25:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. U-Amasiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalinguJehohadani waseJerusalema.

2. Wenza okulungile emehlweni kaJehova, kungenganhliziyo epheleleyo kodwa.

3. Kwathi lapho umbuso usuqinisiwe kuye, wazibulala izinceku zakhe ezaziyibulele inkosi uyise.

2 Izikronike 25