21. Bamenzela ugobe, bamkhanda ngamatshe ngesiyalezo senkosi egcekeni lendlu kaJehova.
22. UJowashi, inkosi, akakhumbulanga umusa uJehoyada amenzele wona, wabulala indodana yakhe. Ekufeni kwakhe wathi: “UJehova makakubone lokhu, akuphindisele.”
23. Kwathi ngasekupheleni komnyaka impi yase-Aramu yakhuphukela kuye, yafika kwaJuda naseJerusalema, yabhubhisa zonke izikhulu zabantu phakathi kwabantu, yathuma yonke impango yazo enkosini yaseDamaseku.
24. Ngokuba impi yase-Aramu yafika neviyo elincane labantu, nokho uJehova wanikela impi enkulu kakhulu esandleni sabo, ngokuba babemshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise. Base bemahlulela uJowashi.
25. Lapho sebemukile kuye ngokuba bamshiya egula kakhulu izinceku zakhe zamenzela ugobe ngenxa yegazi lamadodana kaJehoyada umpristi, zambulala embhedeni wakhe, wafa; bammbela emzini kaDavide, kodwa abammbelanga emathuneni amakhosi.
26. Nampa ababemenzela ugobe: nguZabadi indodana kaShimeyati umAmonikazi noJehozabadi indodana kaShimriti umMowabikazi.
27. Ngamadodana akhe, nangobukhulu bemithwalo phezu kwakhe, nangokuvuswa kwendlu kaNkulunkulu, bheka, kulotshiwe esichasiselweni sencwadi yamakhosi. U-Amasiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.