2 Izikronike 24:17-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Emva kokufa kukaJehoyada kwafika izikhulu zakwaJuda, zakhuleka enkosini; khona inkosi yazilalela.

18. Bayishiya indlu kaJehova uNkulunkulu wawoyise, bakhonza o-Ashera* nezithombe; uJuda neJerusalema kwehlelwa yintukuthelo ngaleli cala labo.

19. Kepha wathuma abaprofethi kubo ukuba bababuyisele kuJehova; babaxwayisa, kepha kababekanga ndlebe.

20. UMoya kaNkulunkulu wembesa uZakariya indodana kaJehoyada umpristi; wema ngaphezu kwabantu, wathi kubo: “Usho kanje uNkulunkulu, uthi: ‘Neqelani imiyalo kaJehova ukuba ningabi nampumelelo na? Ngokuba nimshiyile uJehova, naye unishiyile nina.’ ”

21. Bamenzela ugobe, bamkhanda ngamatshe ngesiyalezo senkosi egcekeni lendlu kaJehova.

22. UJowashi, inkosi, akakhumbulanga umusa uJehoyada amenzele wona, wabulala indodana yakhe. Ekufeni kwakhe wathi: “UJehova makakubone lokhu, akuphindisele.”

2 Izikronike 24