2 Izikronike 24:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJowashi wayeneminyaka eyisikhombisa ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amane eJerusalema; igama likanina lalinguSibiya waseBeri Sheba.

2. UJowashi wenza okulungile emehlweni kaJehova zonke izinsuku zikaJehoyada umpristi.

3. UJehoyada wamthathela abafazi ababili; wazala amadodana namadodakazi.

4. Kwathi emva kwalokho kwakusenhliziyweni kaJowashi ukuvusa indlu kaJehova.

5. Wabutha abapristi namaLevi, wathi kubo: “Phumani niye emizini yakwaJuda, niqoqe ku-Israyeli wonke imali yokulungisa indlu kaNkulunkulu wenu iminyaka ngeminyaka, niyisheshise le ndaba.” Kepha amaLevi awasheshanga.

6. Inkosi yayisibiza uJehoyada inhloko, yathi kuye: “Awubizanga ngani kumaLevi ukuba alethe kwaJuda naseJerusalema intela kaMose inceku kaJehova neyebandla lika-Israyeli, ibe ngeyetende lobufakazi na?”

7. Ngokuba amadodana ka-Athaliya, owesifazane lowo omubi, ayeyichithile indlu kaNkulunkulu, nezinto zonke ezingcwele zendlu kaJehova azenza ukuba zibe ngezikaBali.

8. Yayisikhuluma inkosi, benza umphongolo, bawubeka ngaphandle ngasesangweni lendlu kaJehova.

9. Kwase kumenyezelwa kwaJuda naseJerusalema ukuba balethe kuJehova intela uMose inceku kaNkulunkulu ayibeke phezu kuka-Israyeli ehlane.

2 Izikronike 24