1. Ngomnyaka wesikhombisa uJehoyada waziqinisa, wazithathela izinduna zamakhulu, u-Azariya indodana kaJerohamu, no-Ishmayeli indodana kaJehohanani, no-Azariya indodana ka-Obede, noMahaseya indodana ka-Adaya, no-Elishafati indodana kaZikiri, zenza isivumelwano naye.
2. Zazungeza kwaJuda, zabutha amaLevi emizini yonke yakwaJuda, nezinhloko zawoyise bakwa-Israyeli, bafika eJerusalema.
3. Lonke ibandla lenza isivumelwano nenkosi endlini kaNkulunkulu; uJehoyada wathi: “Bhekani, indodana yenkosi iyakubusa njengokukhuluma kukaJehova ngamadodana kaDavide.
4. Nansi into eniyakuyenza: abesithathu kini abangena ngesabatha, ababapristi nabamaLevi, bayakuba ngabalindisango,
5. abesithathu babe sendlini yenkosi, abesithathu babe seSangweni Lesisekelo, bonke abantu babe semagcekeni endlu kaJehova.
6. Makungangeni muntu endlini kaJehova ngaphandle kwabapristi namaLevi akhonzayo; bona bangangena, ngokuba bangcwele; kepha bonke abantu bayakugcina izimfanelo zikaJehova.
7. AmaLevi ayakuyizungeza inkosi nxazonke, yilowo nalowo abe nezikhali zakhe esandleni sakhe; ongena endlini makabulawe; yibani nenkosi ekungeneni kwayo nasekuphumeni kwayo.”
8. AmaLevi naye wonke uJuda benza njengakho konke uJehoyada umpristi ayale ngakho, bathatha, kwaba yilowo nalowo abantu bakhe ababeyakungena ngesabatha kanye nababeyakuphuma ngesabatha, ngokuba uJehoyada umpristi akamukisanga izigaba.
9. UJehoyada umpristi wanikela ezinduneni zamakhulu imikhonto namahawu nezihlangu okwakungokwenkosi uDavide, kusendlini kaNkulunkulu.