2 Izikronike 23:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngomnyaka wesikhombisa uJehoyada waziqinisa, wazithathela izinduna zamakhulu, u-Azariya indodana kaJerohamu, no-Ishmayeli indodana kaJehohanani, no-Azariya indodana ka-Obede, noMahaseya indodana ka-Adaya, no-Elishafati indodana kaZikiri, zenza isivumelwano naye.

2. Zazungeza kwaJuda, zabutha amaLevi emizini yonke yakwaJuda, nezinhloko zawoyise bakwa-Israyeli, bafika eJerusalema.

3. Lonke ibandla lenza isivumelwano nenkosi endlini kaNkulunkulu; uJehoyada wathi: “Bhekani, indodana yenkosi iyakubusa njengokukhuluma kukaJehova ngamadodana kaDavide.

4. Nansi into eniyakuyenza: abesithathu kini abangena ngesabatha, ababapristi nabamaLevi, bayakuba ngabalindisango,

5. abesithathu babe sendlini yenkosi, abesithathu babe seSangweni Lesisekelo, bonke abantu babe semagcekeni endlu kaJehova.

2 Izikronike 23