4. UJehoramu esemile embusweni kayise, eseziqinisile, wabulala bonke abafowabo ngenkemba kanye nabathile bezikhulu zakwa-Israyeli.
5. UJehoramu wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema.
6. Wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba indodakazi ka-Ahabi yayingumkakhe; wenza okubi emehlweni kaJehova.
7. Kepha uJehova akathandanga ukuchitha indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano asenzayo noDavide, njengokusho kwakhe ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke.
8. Emihleni yakhe u-Edomi wahlubuka phansi kwesandla sakwaJuda, wazibekela inkosi.
9. Wayesewela uJehoramu nezinduna zakhe, nazo zonke izinqola zakhe zinaye; wavuka ebusuku, wabachitha abakwa-Edomi abamhaqileyo kanye nezinduna zezinqola.
10. Wahlubuka-ke u-Edomi phansi kwesandla sakwaJuda kuze kube namuhla; khona lahlubuka neLibina ngasona leso sikhathi phansi kwesandla sakhe, ngokuba wayemshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise.
11. Futhi wenza izindawo eziphakemeyo ezindaweni zakwaJuda, wenza ukuba abakhileyo eJerusalema baphinge, wayenga uJuda.