2 Izikronike 21:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehoshafati wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; uJehoramu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2. Wayenabafowabo, amadodana kaJehoshafati: ngo-Azariya, noJehiyeli, noZakariya, no-Azariyahu, noMikayeli, noShefathiya; bonke labo babengamadodana kaJehoshafati inkosi yakwa-Israyeli.

3. Uyise wabanika izipho ezinkulu zesiliva nezegolide, namagugu kanye nemizi ebiyelweyo kwaJuda, kepha umbuso wawunika uJehoramu, ngokuba wayeyizibulo.

4. UJehoramu esemile embusweni kayise, eseziqinisile, wabulala bonke abafowabo ngenkemba kanye nabathile bezikhulu zakwa-Israyeli.

5. UJehoramu wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema.

6. Wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba indodakazi ka-Ahabi yayingumkakhe; wenza okubi emehlweni kaJehova.

7. Kepha uJehova akathandanga ukuchitha indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano asenzayo noDavide, njengokusho kwakhe ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke.

2 Izikronike 21