14. indodana yowesifazane wamadodakazi akwaDani; uyise wayengumuntu waseTire, owayekwazi ukusebenza ngegolide, nangesiliva, nangethusi, nangensimbi, nangamatshe, nangemithi, nangokububende, nangokuluhlaza, nangelineni elicolekileyo, nangokubomvu, nangokuqopha imiqopho yonke, nangokuqamba yonke imisebenzi yobungcweti, ukuba anikwe indawo kanye nezingcweti zakho nezingcweti zenkosi yami uDavide uyihlo.
15. “Ngalokho ukolweni, nebhali,* namafutha, newayini, inkosi yami ekhulume ngakho, mayikuthume kuzo izinceku zayo.
16. Thina siyakugawula imithi eLebanoni njengokuswela konke kwakho, siyiyise kuwe eJopha elwandle ngezihlenga, wena uyikhuphulele eJerusalema.”
17. USolomoni wabala bonke abezizwe ababesezweni lakwa-Israyeli ngokubalwa uDavide uyise ayebabalile ngakho; kwafumaniseka ukuthi babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihlanu nezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha.
18. Kubona wamisa izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa ukuba bathwale imithwalo, nezinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili ukuba babe ngababazi ezintabeni, nezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha ukuba babe ngababonisi bokusebenzisa abantu.