2 Izikronike 2:10-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Bheka, ngiyakunika izinceku zakho, abagawuli abagawula imithi, amakhora* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni obhuliweyo, namakhora ayizinkulungwane ezingamashumi amabili ebhali,* namabhati* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili ewayini, namabhati ayizinkulungwane ezingamashumi amabili amafutha.”

11. UHiramu inkosi yaseTire waphendula ngokuloba, wakuthuma kuSolomoni, wathi: “Ngokuba uJehova uyathanda abantu bakhe, ukubeke inkosi phezu kwabo.”

12. UHiramu wathi futhi: “Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owenza izulu nomhlaba, nowanika uDavide inkosi indodana ehlakaniphileyo, enolwazi nengqondo, eyakwakhela uJehova indlu nendlu yombuso wakhe.

13. “Manje sengithumile umuntu ohlakaniphileyo nonolwazi, uHiramu Abi,

14. indodana yowesifazane wamadodakazi akwaDani; uyise wayengumuntu waseTire, owayekwazi ukusebenza ngegolide, nangesiliva, nangethusi, nangensimbi, nangamatshe, nangemithi, nangokububende, nangokuluhlaza, nangelineni elicolekileyo, nangokubomvu, nangokuqopha imiqopho yonke, nangokuqamba yonke imisebenzi yobungcweti, ukuba anikwe indawo kanye nezingcweti zakho nezingcweti zenkosi yami uDavide uyihlo.

2 Izikronike 2