2 Izikronike 19:4-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. UJehoshafati wahlala eJerusalema, kepha wabuye waphuma, wahamba phakathi kwabantu, kusukela eBeri Sheba kuze kube sezintabeni, wababuyisela kuJehova uNkulunkulu wawoyise.

5. Wamisa abahluleli ezweni emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda, imizi ngemizi, wathi kubahluleli:

6. “Bhekani enikwenzayo, ngokuba anahluleleli umuntu kepha uNkulunkulu, onani ekwahluleleni.

7. Ngalokho ingebhe ngoJehova mayibe phezu kwenu; qaphelani nikwenze, ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo.”

8. Futhi uJehoshafati wamisa eJerusalema kumaLevi nakubapristi nasezinhlokweni zawoyise bakwa-Israyeli abokwahlulela kukaJehova nabombango. Sebebuyela eJerusalema,

9. wabayala wathi: “Niyakwenze njalo ngokumesaba uJehova, ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo.

2 Izikronike 19