1. UJehoshafati inkosi yakwaJuda wabuyela ngokuphila endlini yakhe eJerusalema.
2. UJehu, indodana kaHanani umboni, waphuma ukumhlangabeza, wathi enkosini uJehoshafati: “Usiza yini ababi, uthanda abamzondayo uJehova na? Ngalokho intukuthelo iphezu kwakho ivela kuJehova.
3. Nokho kufunyaniswa kuwe nezinto ezinhle, ngokuba ususile o-Ashera* ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.”
4. UJehoshafati wahlala eJerusalema, kepha wabuye waphuma, wahamba phakathi kwabantu, kusukela eBeri Sheba kuze kube sezintabeni, wababuyisela kuJehova uNkulunkulu wawoyise.
5. Wamisa abahluleli ezweni emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda, imizi ngemizi, wathi kubahluleli:
6. “Bhekani enikwenzayo, ngokuba anahluleleli umuntu kepha uNkulunkulu, onani ekwahluleleni.
7. Ngalokho ingebhe ngoJehova mayibe phezu kwenu; qaphelani nikwenze, ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo.”