2 Izikronike 19:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehoshafati inkosi yakwaJuda wabuyela ngokuphila endlini yakhe eJerusalema.

2. UJehu, indodana kaHanani umboni, waphuma ukumhlangabeza, wathi enkosini uJehoshafati: “Usiza yini ababi, uthanda abamzondayo uJehova na? Ngalokho intukuthelo iphezu kwakho ivela kuJehova.

3. Nokho kufunyaniswa kuwe nezinto ezinhle, ngokuba ususile o-Ashera* ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.”

2 Izikronike 19