2 Izikronike 18:9-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Inkosi yakwa-Israyeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda babehlezi, kwaba yilowo nalowo esihlalweni sakhe sobukhosi, bembethe izambatho zabo, behlezi esibuyeni ngasesikhaleni sesango laseSamariya; bonke abaprofethi baprofetha phambi kwabo.

10. USedekiya indodana kaKhenahana wazenzela izimpondo zensimbi, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngalezi uyakuqhubukusha ama-Aramu aze aphele.’ ”

11. Bonke abaprofethi baprofetha kanje, bathi: “Khuphukela eRamoti Gileyadi, ube nempumelelo, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.”

2 Izikronike 18