2 Izikronike 18:31-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. Kwathi lapho izinduna zezinqola sezibonile uJehoshafati, zathi: “Yena uyinkosi yakwa-Israyeli;” zase ziphenduka ukuba zilwe nayo, kepha uJehoshafati wamemeza, uJehova wamsiza; uNkulunkulu wazimukisa kuye.

32. Kwathi sezibonile izinduna zezinqola ukuthi yena akasiyo inkosi yakwa-Israyeli, zabuya ekumlandeleni.

33. Kepha umuntu othile wansala umnsalo wakhe ngokungazeleli nje, wayihlaba inkosi yakwa-Israyeli enhlanganisweni yebhantshi lensimbi; yathi kumshayeli: “Phenduka, ungikhiphe empini, ngokuba ngikhutshaziwe.”

34. Ukulwa kwaqina ngalolo suku; inkosi yakwa-Israyeli yasekelwa enqoleni yayo malungana nama-Aramu kwaze kwaba kusihlwa, yafa ngesikhathi sokushona kwelanga.

2 Izikronike 18