2 Izikronike 18:24-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Wathi uMikhaya: “Bheka, uyakukubona ngalolo suku oyakungena ngalo emakamelweni ngamakamelo ukuba ucashe.”

25. Inkosi yakwa-Israyeli yathi: “Mthatheni uMikhaya, nimbuyisele ku-Amoni umbusi womuzi nakuJowashi indodana yenkosi,

26. nithi: ‘Isho kanje inkosi, ithi: Fakani lona etilongweni, nimuphe isinkwa sokuhlupheka namanzi okuhlupheka, ngize ngibuye ngokuphila.’ ”

27. Wayesethi uMikhaya: “Uma ubuya impela ngokuphila, uyakube engakhulumanga ngami uJehova.” Wathi futhi: “Yizwani nina bantu bonke.”

28. Inkosi yakwa-Israyeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda base bekhuphukela eRamoti Gileyadi.

29. Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafati: “Ngiyakuziguqula, ngingene ekulweni, kepha wena wembathe izambatho zakho.” Yayisiziguqula inkosi yakwa-Israyeli, bangena ekulweni.

30. Kepha inkosi yase-Aramu ibiyalile izinduna zezinqola zayo ngokuthi: “Ningalwi namuntu, omncane noma omkhulu, kuphela nenkosi yakwa-Israyeli yodwa.”

31. Kwathi lapho izinduna zezinqola sezibonile uJehoshafati, zathi: “Yena uyinkosi yakwa-Israyeli;” zase ziphenduka ukuba zilwe nayo, kepha uJehoshafati wamemeza, uJehova wamsiza; uNkulunkulu wazimukisa kuye.

32. Kwathi sezibonile izinduna zezinqola ukuthi yena akasiyo inkosi yakwa-Israyeli, zabuya ekumlandeleni.

33. Kepha umuntu othile wansala umnsalo wakhe ngokungazeleli nje, wayihlaba inkosi yakwa-Israyeli enhlanganisweni yebhantshi lensimbi; yathi kumshayeli: “Phenduka, ungikhiphe empini, ngokuba ngikhutshaziwe.”

34. Ukulwa kwaqina ngalolo suku; inkosi yakwa-Israyeli yasekelwa enqoleni yayo malungana nama-Aramu kwaze kwaba kusihlwa, yafa ngesikhathi sokushona kwelanga.

2 Izikronike 18