Ngasekugcineni kweminyaka ethile wehlela ku-Ahabi eSamariya. U-Ahabi wamhlabela yena nabantu ababenaye izimvu nezinkabi eziningi, wamncenga ukuba akhuphukele eRamoti Gileyadi.